Get Your Premium Membership

Inxeba

Ngikhala kwaduma imihosha. Ngikhala zoma,kepha izinyembezi zeminyaka. Ungangibona ngihleka,ufunge ukuthi konke kulungile. Kanti cha akunjalo,ngizama ukuzelapha. Noma ngazi ukuthi ayizelaphi kepha ngisuke ngizama izaba nje. Uma ungibona ngimile egcekeni ngibuka,ngasesangweni. Ngisuke ngicabanga lezo nsuku ezandlulayo. Lapho engangimbona,engena emamatheka umtakababa. Qede sibingelelane kube mnadi. Kwashabalala,konke njengamazola ebona ilanga. Konke lokhu kuyawulimaza umphefumulo wami. Ngibuka into engekho,ngibuka into engeke isenzeka. Lokhu usengu mufi usekokhokho. Inxeba,ngike ngithule ngibuka abazali bami ngidabuke. Lokhu ngiyazi kubo kubuhlung ngokuphindiwe. Ngisho ngoba nami,Nazi ezami izingane. Uma ngizibheka kufika usizi qede zehle kancane. Kungenzeka yini nakimi njengakubazali bami? Ngisakhala namanje ngomfowethu ngohlala ngikhala. Ngikhala njengomfelokazi ekhumbule umyeni wakhe . Noma ngizama ukwendlulisa,kepha imicabango iziyela yona lapho ethanda khona. Into ebuhlungu mangikhumbula umnewethu kuvele kuvuke usizi. Inxeba enginalo alipholi. Kunalokhu liyabhibha usuku nosuku.ngenza yeminjunju yenkumbulo. Kuyoba nini ngo phela ngaphakathi? Ngiqoma ukufa kwangempela. Kunokufa ngibe ngidla anhlavana.

Copyright © | Year Posted 2017




Post Comments

Poetrysoup is an environment of encouragement and growth so only provide specific positive comments that indicate what you appreciate about the poem. Negative comments will result your account being banned.

Please Login to post a comment

A comment has not been posted for this poem. Encourage a poet by being the first to comment.


Book: Reflection on the Important Things