Ukube Ngangazi

Akukhona ukuthi ngifisa ukukuphazamisa,empilweni yakho etsha
  Ngeke ngakuqanganisela kepha ngangethembile ngoba ngangiwa ngivuk nawe
Nami ngangazi ngelinye ilanga ukuthi ngniyophumula ngibuse nje nge nkosi
   Kepha kuyangicacela ukuthi ngangiyikake la ingalele khona
Ngangikondla ngenkece engekho ngikukhulisa ngenkece yasemajalidini
      Uyihlo wakushiya wahamba okwe juba lika Nowa
Angimbeki cala ngalokho naye ngoba wuye owazi isizathu salokho
 
Ngiyofa inhliziyo yami igcwele ebuhlungu
Ngoba lawomabhilidi enfant is a khaki gazing angel okwelanga ukuth ngangizihemela
   Konke ebengikwenza ebengikwenza ngothando
Nangethemba lokuthi ikusasa uyoba lusizo kulomdeni
    Pho ke umuntu akathenjwa
Ungilahlisa okwenyongo yenyathi
     Ungiphika phambi kobuso bami
Ungitshena ezikabhoqo uthi awungazi

Uyongikhumbula  uyofisa ukulungisa izinto
Kepha Kobe sekonakele vele
         Uyosikhihla esika Mandi
Uyofisa ukukhulum nami
Kuyobe kusasizani vele?
Ngiyobe sengikwelama things
Ungisize ungahlabi zinkomo
Ungahlabi zimbuzi ungaqumi ngisho nezinkukhu
   Ngoba lokhu kofaka umkhokha ekhaya
Iyobe isiwuchithile inkonyane.

Copyright © | Year Posted 2017



Post Comments

Poetrysoup is an environment of encouragement and growth so only provide specific positive comments that indicate what you appreciate about the poem. Negative comments will result your account being banned.

Please Login to post a comment

Be the first to comment on this poem. Encourage this poet.

Get a Premium Membership
Get more exposure for your poetry and more features with a Premium Membership.
Book: Radiant Verses: A Journey Through Inspiring Poetry

Hide Ad