Inkungu

Ngiyeke ngihambe,njengomhambume.
Akucala lathethwa,kungenabufakazi.
Angifune kukhuluma, inkukhu inqunywe umlomo.
Inkumbulo yize,ithemba inhlansi yomlilo ongathembisi lutho.
Kwake kwaba njena umlando ke lowo.
Hleze umlando ungaziphinda?
Bathi lapho ake ama khona aphinde ame."
Ngifisa ukubhala lencwadi ngisho okungaphakathi kimi.

Inkungu ubulima abupheli ukuhlakanipha kuyaphela.
Izethembiso zamanga zinjalo.
Ubukhazikhazi bukushiya ukemile.
Inhliziyo engaphandle, iyashesha ukuncola.
Ukungazi kufana nokungaboni.
Angikhali,angibalisi kepha amanzi achithekile ngeke ngawabutha.
Yeka isikhathi wami nganginga ukuthi ngizishaye ngemfe iphindiwe.
Baqinisil mabethi wothemba itshe.
Umuntu ushitsha  amabala njengo nwabu.

Inkungu ,lixhoshwa libhekile akusenani.
Lawo mabhilidi  engangiwakhe ngemucabango lekusasalethu.
Ikusasa eli qhakazile okwembali namhlanje konke lokhu kuyize leze.
Amathe abuyele kwasifuba.
Yonke leminyaka ,kanti ikhohlisana ihlomile.
Akusenani vele  ikhiwane elihle ligcwala izibungu.
Bengingazi ukuthi kanti,ngiyikake lapho ingalele khona.
Copyright © | Year Posted 2017

Poem

Post Comments

Poetrysoup is an environment of encouragement and growth so only provide specific positive comments that indicate what you appreciate about the poem. Negative comments will result your account being banned.

Please Login to post a comment

Be the first to comment on this poem. Encourage this poet.

Get a Premium Membership
Turn off ads, get more exposure for your poetry, and get more features with a Premium Membership.
Book: Diverse Voices: The Poetry of Human Rights and the Pursuit of Peace