Get Your Premium Membership

Inkungu

Ngiyeke ngihambe,njengomhambume. Akucala lathethwa,kungenabufakazi. Angifune kukhuluma, inkukhu inqunywe umlomo. Inkumbulo yize,ithemba inhlansi yomlilo ongathembisi lutho. Kwake kwaba njena umlando ke lowo. Hleze umlando ungaziphinda? Bathi lapho ake ama khona aphinde ame." Ngifisa ukubhala lencwadi ngisho okungaphakathi kimi. Inkungu ubulima abupheli ukuhlakanipha kuyaphela. Izethembiso zamanga zinjalo. Ubukhazikhazi bukushiya ukemile. Inhliziyo engaphandle, iyashesha ukuncola. Ukungazi kufana nokungaboni. Angikhali,angibalisi kepha amanzi achithekile ngeke ngawabutha. Yeka isikhathi wami nganginga ukuthi ngizishaye ngemfe iphindiwe. Baqinisil mabethi wothemba itshe. Umuntu ushitsha amabala njengo nwabu. Inkungu ,lixhoshwa libhekile akusenani. Lawo mabhilidi engangiwakhe ngemucabango lekusasalethu. Ikusasa eli qhakazile okwembali namhlanje konke lokhu kuyize leze. Amathe abuyele kwasifuba. Yonke leminyaka ,kanti ikhohlisana ihlomile. Akusenani vele ikhiwane elihle ligcwala izibungu. Bengingazi ukuthi kanti,ngiyikake lapho ingalele khona.

Copyright © | Year Posted 2017




Post Comments

Poetrysoup is an environment of encouragement and growth so only provide specific positive comments that indicate what you appreciate about the poem.

Please Login to post a comment

A comment has not been posted for this poem. Encourage a poet by being the first to comment.


Book: Shattered Sighs